Imbeleko, umhlonyane, ukubonga abadala, umemulo kanye nokufihla umuntu
HTML-код
- Опубликовано: 9 фев 2025
- Thokoza
Amasiko afana nembeleko, umhlonyane, ukubonga abadala, umemulo kanye nokufihla umuntu kungabe enziwa kanjani nokuthi futhi enziwelani.
Izimo ezihambelana nemimoya ekhaya kanye nasemndenini esikhathini esiningi iqhamuka kumasiko esiNtu angenziwanga noma angenziwanga kahle. Lokhu akudingi umelaphi wendabuko ukuthi angenelele - lokhu ungazenzela wena njengoba kwakwenziwa emandulo. Sicela ulalele uDokotela uMkhize echaza lokhu.
Mmmm ngikuthulele umnqwzi baba awunamona sybonga ngokusipha ulwazi inyanga ngokukutshela nje zithi khokha
Baba ngybonga wakhulula umoya wami wangivula amehlo
Ave zizokuzonda inyanga wemkhulu ngoba ukhipha amaqiniso😂siyabonga kakhulu mkhulu this is very informative.
This is a master class
Camagu mkhulu ❤
Wangigeza nge mbuzi kwavele kwazifanela😢😢😢
Halala Khabazela....wayibeka kahle baba...uchaze kahle ngoba abantu abasindisiwe bayaphapha badukisa isizwe
Siyabonga Khabazela
You are doing a great job with the graphic design, you have really improved keep it up👌
Siyabonga baba Mkhize. Uphile nje
Asbonge Khabazels👏🏾👏🏾👏🏾
Ke ya leboga Mkhulu ka di thuto and your advice s you give us..Keep it up .Thokoza.
Siyabonga siyanconcoza Khabazela imfundiso osipha yona.isizwe sakithi semuka nokwabamhlophe Baba yingakho sesishayeka silanda oGobela bezobuka ukuba senza ngakho yini abakushilo.kodwa ngemfundiso osipha zona kuyacaca sesizokwazi ukuzibambela.
Camagu mzali hayi ngiyabonga kwavele kwacaca yonke into ibingihlupha sendiyazi ngoku okufanele ndikwenze 🙌🙌👏
Siyabonga kakhulu
Amen mkhulu Khabazela sibonge ukusikhanyisela ukusembula emehlweni anenkungu thokoza
Mmm wangbusisa mkhulu Mkhize ngcela inamba khona la engzocela ungibonise kuyo
Siyabonga baba, ngicela ukubuza uma wa phuphumelwa isisu, lezi mbuzi uzihlabelaphi uma umama waba nendlu wahlala no baba. Balobolana bangaqeda bayo signer. Lezimbuzi mina kumele ngizi hlabele kuphi? Kabo mama noma enzini kamama no baba
Cha uyasazi istory sakho baba ungadinwa yithi muhle kakhulu kakhulu umsebenzi wakho.
Ivolume iphansi baba zama ukukhuphula next time, asbonge
Ngyayithanda ke Lena ❤️
Baba Khabazela if ushonelwe ingane isinonyaka iyenziwa yin lembuzi yesibili mawugeza
Sanibonani ngicela ukubuza uma bebathathu abalanjwana behlukene ngobulili uyakwazi ukubenzela ngembuzi eyodwa.
Siyabonga baba
Sibongile Khabazela, ngifunde kakhulu Manuela enkingeni ebingikhathaza, sandals basigcinele wen
Siyabonga..👏👏
Ngiyabingelela Baba ngicela ukubuza ukuthi umntwana otholelwe ekhaya uyenzelwa yini umsebenzi wokuthenga isibongo sakhabonina.ngicela ingcazelo👏
Ana
Cha!angeke asithenga isibongo sakhabo nina ngoba uzalelwe khona khabo nina,uwumlanjwana,uyingane vele yako malume.
Thank you so much Mhkulu 👏👏❤️
Word from the wise
Baba Ngunezi ulanjwana uwulandaphi umkhonto?
Baba syabonga ngolwazi kodwa Uma abasekhaya komama bengavumi sibonge khona singabongelaphi? 🙏🙏
Ei baba Khabazela uthando onalo ngesizwe esimnyama luyababazeka sesidukiswe kakhulu abantu abangenandaba abafuna imali Mvelinqangi asigcinele wena
Thokoza gogo💙
Ngyabingelela baba ,cela ukubuza kuhlukene kangangi ukwembatha n ubona ngani uma wazalwa wembethe?
Ngicela ukubuza umkhwenya iyimulisa kanjani ingoduso?
Baba kekopa hobotsa! Ma Obaba a ngashadanga uma mangiphahla which sbongo I use
Mina wangubuza nge mbuzi kwajike kwazifanela😢
Ngiyabinga Baba ukhabazela ukhule uze ukhokhobe ma abenawe amathongo ngemfundiso yakho
Zulu lakithi mkhulu mkhize siyabonga 😢
Wenzenjani ingane mayingene eshubhini in English bathi i (Ectopic)nalapho uyagezwa na?
SIYABINGELELA BABU MKIZE
Sawubona baba Uma uphupha amanzi amaningi aha bayo kodwa ahambakahle awaili a hamba ngesizotha mahle agcwele yonke i ndawo eyisiganga ahambe aze aphela asala emseleni kuphela esingangeni kube kwase sekubonakala utsani
Siyabonga Khabazela ngokusicacisela. Kwande!!!
4:58 Umhlonyane
Baba Khabazela ngiyabingelela. Ngicel ukbuza mayelana nenkulumo oke wayithinta yokuphuphuma kwesisu. Umuntu wesilisa uzilungisa kanjan Uma ewubaba wengane eyaphuphuma? Ngabe kukhon yin ekmele ngikukhiphe ngikuyise Kubo kwentombazane ? Mina ngiyadinga ukugezwa?
Sawubona mkhulu ngicela ukubuza if uzalelwe ekhaya komama(ungumlanywana)ngabe uvumelekile yini ukuphahla emsamu ishise impepho if sebengekho abadala emndeni ngiyabonga
Sawbona mkhulu ngcela ukbuza ukuthi ngingayenzela ingane yam imbeleko noma ngingenzelwanga ekhaya ngyabonga
Ungayi kugobela😅
Ukuphupha ukhuluma nesitha
Thokoza mina ngicela ukusho ukuthi ngazalwa nginqwambile njenge thwasa umzanyana wawuthandele njenge zikhumba ezifakwe amathwas angenzelwanga lutho nabazali abasekho ngane nginhazisiza kanjani
Ungazenzela lowomsebenzi akuhluphi
Ngicela ukwazi Mumbo ukuthi ubulili buma kanjani esilwaneni sokugcina umuntu osadlula.
Thokoza Mkhulu. Ngicela ukubuza ukuthi uma ihlahla lafakwa ethuneni, silungisa kanjani ukubuyisa umphefumulo ekhaya.
Wena waseMbo 🙌🏾. Baba Khabazela, ngisacela ukwazi ukuthi umhlonyane womuntu osaphelele (nomuntu osewaba nomtwana) wenziwa ngendlela efanayo? Uma ufisa ukwenzela abantwana bamantombazane (3) esebethole abantwana umuntu ngamunye uba nembuzi yakhe?
Nami ngingathanda ukwazi
Ngcela ukubuza ukuthi uyise uyenzela Nini ingane imbuzi yokuybika mangabe esebuya umama nayo bevela kubo noma kuneskhathi esilindwayo Uma sebebuyile ekhaya la aganele khona?
Sawbona Baba bengbuza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha umamawakho ekugezela I toilet lakho eligcwele Amakaka anukukisa indlu nge mop
Thayima😂😂😂🤣🤣
Ngiyabingelela, nginesicelo sokuthi cela ubaba VVO ake afake isihloko sokukhuluma ngomcamo, wenziwa kanjan , ngani,ngobani, lowenziwa emakhosini if sekuphuma ithwasa, ngiyabonga, if kweke kwakhulunywa ngakho cela ningibonise video yakhona
Mina ngikholelwa ekutheni uma nginika umama wam ukudla ngimenzela ukudla ayekuthanda kakhulu esaphila emhlabeni umama wayethanda iwors ebasiyo nepapa nechakalala ne Coke ebandayo ngisho umama ethukuthele besimehlisa ngokumnika lokudla ajabule icala lami liphelile ngakho ngeke ngihlabe inkukhu noma imbuzi kodwa umama ebengazidli esaphila
Umkhonto uyandwa yini uma kwenziwa umhlonyana ekhaya komama lengane? Ngathola ingane ekhaya kodwa ngagcagca nobaba wayo imbeleko kumele enzelwe kuphi?
Ngicela uphinde umbuzo wakho kuleliphuzu lokuthola ingane ekhaya
Awukho umkhonto Uma kwenziwa uMhlonyane.uma wathola ingane ungagcagci noYise,Uma kwenzekile wagcagca naye qobo uyise woMtwana kumele umtwana akhishwe ngembuzi kini(koMalume)ebese yemukelwa ekhakhoYise(la ugcagele khona)ngeskhathi ikhishwa kini ufaka isphandla esimele imbeleko yaseKhabo nina, ngoba ibingeyakhona ngoba niyithole ningakagcagci,iyothi mayifika ekhakhoYise seyimukelwa ebese iyasikhipha isphandla sasekhabonina(sisesinxeleni)ebese ifaka esasekhakhoYise(Esikudleni) Kobe sekuphelele.
Ngiyabonga
Ngiyabingelela nku baba UKhabazela...... Ngine Kinga La mhlampe ngaluthola usizo.. Uyakwazi ukushandelwa kubo kamakhonti umshado wesizulu Uma izinto zakho zingakalungi emumva lakho..... The way engiboniswa ngayo Umama wami osewandlula ngilawulwa uye nkunkokokhe engikwenzaya.
Baba kekopa hobotsa! Ma Obaba a ngashadanga uma mangiphahla which sbongo I use
Mother's surname