Uma ungumbukeli we-The Wife uyamazi uBonko Khoza obedlala indawo ka Mqhele kwi-Season yokuqala

Поделиться
HTML-код
  • Опубликовано: 2 окт 2023
  • UBonko Khoza obedume ngelika Mqhele Zulu kumdlalo i-The Wife kwi-Season yokuqala, obekuyicharacter ebithandwa ngabaningi futhi emakhele udumo olukhulu. UNeliswa Cele othole ithuba lokuba nengxoxo noBonko Khoza osemnkantshubomvu kwezokulingisa. Kulesiqephu baxoxa ngempilo kaBonko kanye nekhono lakhe kwezokulingisa.
    UBonko uthi uqale esasemncane kakhulu ukulingisa waphinde wayeka ngoba kwakuyinto ayengayinakile. Uthi wenze i-Design eNational School of Art kodwa wagcine eqhubekile nokuba umlingisi. Ngaphandle kokuba umlingisi, uphinde abeyi-Voice over artist. Usixoxela ngomehluko phakathi kwe-production ye-Movie neSeries.
    UBonko usilandisa nge-Movie yokuqala akalingisa kuyo i-Necktie Youth, okuyilapho aze athola inomination yokuba i-Best Actor eNew York. Kanti i-Series yakhe yokuqala alingisa kuyo eyango-2022 i-The Brave Ones. Usixoxela ukuthi ngo-2017 wayephekezele umkakhe uLesego Khoza kwi-book festival kusanda kuphuma incwadi i-Hlomu the Wife, okuyilapho ayithenga khona incwadi wayifunda. Uthole iCharacter kaMqhele vele usenalo ulwazi lwalomuntu okumele abenguyena.
    Uphinde wasichushisa ngokumele ukunake uma wenza ama-audition. "I-Character kumele uyithathe njengomuntu ophilayo" kusho uBonko.
    Kulesiqephu uBonko ubonga umkakhe uLesego Khoza ngokuhlezi njalo ameseka. Usixoxela nokuthi basanda kwamukela indodakazi yabo yokuqala u-Amahubo Khoza.
    Uma ufisa ukwazi kancono ngoBonko Khoza, bukela lesiqephu kuningi ozokufunda.
    #BonkoKhoza #Mqhele #TheWife #UkhoziFMTV #UkhoziFM
  • ВидеоклипыВидеоклипы

Комментарии • 2