Sithole ithuba lokuxoxa noDawn Thandeka King owayedlala indawo kaMaNgcobo kumdlalo Uzalo.

Поделиться
HTML-код
  • Опубликовано: 10 июл 2023
  • [Ukhozi FM TV] UNeliswa Cele uthole ithuba elingandele bani loluxoxa nenkakha yezokulingisa uDawn Thandeka King. Kule-video usilandisa kabanzi ngokukhula kwakhe kanye nokungena kwakhe emkhakheni wezokulingisa.
    Sikhuluma nomlingisi osemnkantshubomvu kwezokulingisa uDawn Thandeka King okhulele endaweni yaseShowe. Usixoxela nokuthi wenza izifundo zeDrama eThechnikon Natal (DUT). Okuyilapho athola khona iziqu zakhe ze-Diploma in Drama.
    Uthi akulula ukungena kumkhakha wezokulingisa. Ngaphambi kokuba abe ngumlingisi, ubedayisa imibhede okwamusiza waba nolwazi lwe-Sales & Marketing. Usixoxela nangobaba wakhe owamsiza kakhulu njengoba eyenguProffesor wezomculo (PhD in music). "Kubalulekile ukufunda noma ungayanga esikoleni, unganciki ekubeni nethalente kuphela" kuchaza uDawn Thandeka King
    Usixoxela nangezindondo aseziwinile ezine, ezintathu ngeCharacter kaMaNgcobo kumdlalo Uzalo, eyodwa kaMaZet kumdlalo iLockdown. Ukholelwa ukuthi icharacter kaMaNgcobo iyona abantu abayithanda kakhulu. "Abantu bayabuthanda ubugebengu" kusho uDawn.
    Thola kabanzi ngoDawn Thandeka King ngokubukela le-video.
    #UkhoziFMTV #UkhoziFM63 #MaNgcobo #Uzalo
  • РазвлеченияРазвлечения

Комментарии • 3

  • @sinegugusue1361
    @sinegugusue1361 9 месяцев назад +2

    🥰🥰🥰

  • @estherntuli4003
    @estherntuli4003 Год назад +1

    Ngavane ngakhumbula eMzansi
    Watching in England

  • @NtokozoM_
    @NtokozoM_ 11 месяцев назад

    I love her so much! 🫶🏽