Ukhozi FM TV: Nayi le-voice, uZeal maDladla, NGIYAKUCHAZELA NJEEEE...

Поделиться
HTML-код
  • Опубликовано: 4 окт 2024
  • Nayi le-voice, uZeal maDladla, NGIYAKUCHAZELA NJEEEE...
    Kuhlangene abasakazi bomsakazo ohamba phambili, isikhondlakhondla somsakazo Ukhozi FM, khumbula lengxoxo yenzeka ngoZibandlela 2022.
    Ukhozi FM TV noSiya Mhlongo kanye noNeliswa Cele bahlezi bukhoma noZeal Dladla, oshayela izinhlelo #Fakumoya kanye no #Ndabezinhle. Kulengxoxo bakhuluma ngohambo lukaZeal njengomsakazi nokuningi okuphathelene nomsakazo.
    Ukholelwa ukuthi onobizo lokusakaza njengoba kuyinto angakaze ayiyele esikoleni futhi kwakuyinto ayengayinakile, kodwa okwaba yinto abantu abayibona iyikhono kuye.
    Kulengxoxo sibuye sibheke ukuphatheka kwabesifazane nabesilisa kwezokusakaza.
    Ukholelwa ukuthi abantu besilisa kumele bekwazi ukuvumela abantu besifazane ukuba babahole.
    Kukhona izinto okumele uzishaye indiva uma ufisa ukufeza iphupho lakho, kusho uZeal.
    Uthi kuke kwaba khona isikhathi empilweni yakhe lapho okwakumele ehambe odokotela bengqondo (Psychologicalists) ukuze ekwazi ukulawula imizwa yakhe. Njengomuntu osembonini yezokusakaza, lokho kumsize kakhulu.
    Kuningi esikufunda kuZeal kulengxoxo, thola ngalokhu ngokubukela le-video.
    #UkhoziFMTV #UkhoziFM

Комментарии • 2

  • @Sibusiso_Ntuli
    @Sibusiso_Ntuli Год назад +2

    I'm loving this. I remember the days ngisahamba ebsuku with the boys we'd keep it locked on her show with DJs at work. Loving Zeal's transition. The "eloma wing-wing class" oKhozi nje yonke ingene yathi shi. Big up!