SHEMBE; imisebe yelanga: akekho ongazi inhliziyo athi uyayiqonda

Поделиться
HTML-код
  • Опубликовано: 1 дек 2024

Комментарии • 2

  • @mthengwanene9169
    @mthengwanene9169 6 лет назад +1

    NGAKE NGABONA INKANANKANA!!
    Kwakusemini-nje bebade, sihlangene sonke - siphelele ngothi lwethu - singamaNazaretha aseBuhleni. Kanti lolu kwabe kungusuku olukhulu kimi lapho khona u-Jahova wayezongembulela imfihlakalo - isimanga sezimangaliso. UNkulunkulu wangikhombisa into engiyoze ngihambe eMhlabeni ngingazange ngayilibala. Ngiyafisa ukuba uThixo wakithi eKuphakameni angigcine ngize ngiyizekele aBazukulu bami lendaba engayibona bukhoma ngamehlo ami enyama.
    Bangcwele, uSimakade wangivezela iNkiya-nkiya yento engakaze yenzeke eMhlabeni wonke jikelele - ngabona izimoto zishaya amahutha zona qobo lwazo. Phakathi emotweni kungekho muntu - kungekho mgibeli kumbe udilay’va wemoto - kepha imoto ishaye i-hoot, ngiyizwe ngzindlebe zami ithi: ‘Piiiiibiiiiiph!!’
    Izinsuku zazintathu kuMbasa, kusemini - libalele - kukhanya BHA! Sasibuthene eMzini oMkhulu phezu kweNtaba yaseMatabetulu, ngendlela okwakugcwele ngayo ngaleyamini kodwa kube kuvunguza umoya omnandi wothando nokuzwana. Uma siyoba yibumba likasemende njengaleya mini, asikho isitha esiyongena phakathi kwethu; lapho khona esambulelwa ukuthi u-Jehova akasishiyanga ekudelweni, wayesikhumbulile njengokusithembisa kwakhe. INkosi yeSizwe samaQadi iyona eyayiphathiswe izwi leNkosi. Yathi uma iqeda ukulimemezela iGama eliKhulukazi, kwachwaza iNgcwele kwahalalisa ngisho izihlahla, utshani kanye nesihlabathi saseBuhleni.
    Zesulwa Bangcwele. Izinyembezi ezase zigobhoze iviki lonke zesulwa iNkosi yakwaNgcobo nxashane imemezela iBizokazi loMholi wethu waseZulwini. Sasho sonke ngazwi linye, sathi: ‘Ukukhala kwethu kuzwakele emaZulwini. USathane samqoba noma ubethi ufuna ukuphakamisa umsila, kwasho khona ukuthi ubhekane nowayekhona uMhlaba useyiphalishi.’
    Kuthe kungazelele muntu - sisayaluziswa injabulo yentokozo - kwabe sekuqhamuka lowoMmeli owehlulwa amacala. Wavumbuka uMmeli eshaye imbungculu ekhanda, wathi kunencwadi ebhalwe iNkosi ngomhlaka 16 (lo-iNkosi eyayingasabonwa nayilanga ngawo) eqoka omunye obefiswa izitha zikaShembe. Nangempela walimemeza elakhe igama. Kwathulwa kwathi-CWAKA! Kwangathi kufiwe, abanye babesholo phansi - bethi: ‘Hamba uyomkhothamela wena.’
    Ngisho nobani wazibonela ukuthi ubani okhonjwe emaZulwini.
    Kwasukuma iNkosi yeSizwe sakwaQwabe eMthandeni kanye noMalume weNkosi uThingo, bama ngaphambu kwezihlwele bakhuluma. Babethi mabeliphatha-nje elokhonjwe eZulwini, kuhalalise ngisho iziboya esikhunjeni sakho Mnazaretha. Ubone kuhalalisa izindonga, uzwe izinyoni zichwaza phezulu ezihlahleni. Uyazi njalo abaningi babengamazi ebusweni, kodwa njengoba ngisho - ngisho izindonga zikhuze iNgcwele. Kulapho-ke MaNazaretha nami engabona izimoto ezipakiwe zishaya ama-hoot. Ngezwa kuthi-Paaaapaaaap! Ngathi ngiyabheka, akukho muntu ezimotweni ku-empty, kodwa kuke kwabizwa leliGamakazi ngiyozwa sekuthi-PAAAAPAAAAP! Iyona Ndaba lena ebengithi anginazise yona maKholwa, isimanga sezimangaliso engasibona mhlaka-3 ku-April. Angeke ngisho ukuthi ngiyoyizekela amagwababa echobana, kepha ngithi kini ngifisa uShembe angigcine eMhlabeni ngize ngiyizekele aBazukulu bami.
    Lokhu okwenziwa uMmeli ezama ukufaka isicathulo esinodaka akungimangazanga neze. Phela uzokhumbula ukuthi sonke sabe sazi ukuthi kwabe kunombimbi lwaBantu ababi ababekwenzile lokho, empeleni kade banukeka kulento kodwa ngosuku lokutshalwa kweNkosi kwavele kwahlala obala - wathi uphela uMkhosi babe bengasekho.
    Okwangenamisa kakhulu mina ngaleyamini, ukwazi ukuthi ukudinga nokweswela okwabe kusehlele kwabe sekuphelile - ukwazi ukuthi uShembe akasishiyanga emavungwini, akazivunanga izitha zobuNazaretha - umlilo wakhe waphenjwa futhi, wabajabulisa abebephambi kwakhe ngokuthokoza okukhulu. Nakuba ngisadidekile kwanamuhla yilezamoto ezazishaya ama-hoot ekubeni o-driver bazo babengekho phakathi kuzo.
    FACT: ‘Wabavikela ngamaKhosi anaMandla onke, ngokuba umusa wakhe uhlezi phakade.’

  • @sinethembatshayisa1163
    @sinethembatshayisa1163 5 лет назад

    yelusa intliziyo yakho