ukuphupha isiduli noma umuhlwa

Поделиться
HTML-код
  • Опубликовано: 8 сен 2024

Комментарии • 72

  • @LieslJames
    @LieslJames Месяц назад

    Khona abanye bathi ukuphupha isiduli kubika isifo. Mina ngizohamba nencazelo yakho Gogo. Ngikhathele kabi izinto ezimbi. Siyabonga 🙏🏽

  • @puritybear4344
    @puritybear4344 4 месяца назад +1

    Sawubona gogo.Ngicela ukubuza Uma indlu ihlala igcwala izintuthwane zingenzi umugqa Kodwa zigcwala cishe indlu yonke

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  3 месяца назад

      kubika ukuthi kunemicimbi okumele niyigcine ekhaya lenu kuhlangane umndeni nimeme abantu ngoba kubika lokho indlala osethongweni lenu elibika ukucelakala kwezithebe

  • @user-nz7ul2hi4y
    @user-nz7ul2hi4y 4 месяца назад +1

    Amen gogo ngicela ungipha inamba yakho 😢😢😢

  • @KhulekaniHenryNdlovu
    @KhulekaniHenryNdlovu 4 месяца назад +1

    Kwandle siyabonga kakhulu ngolwazi osipha lona🙌🏾

  • @dawnmadonsela5877
    @dawnmadonsela5877 4 месяца назад +1

    Sbonge maMbotho ngokusiphakela umthombo wolwazi. Ngicela ukubuza uma uphupha umakhelwane wakho ediliza izindonga ngaphakathi zendlu bese athi yena uyahamba kulomuzi uyayithengisa. Athi lomuntu ozothenga lendlu uzozibona ukuthi uyilungisa kanjani. Ngiyabonga usazophendula . Makwande kukhanye ❤

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  4 месяца назад

      uma umuntu ediliza indlu oyaziyo ephusheni bakutshengisa ukuthi uyahluleka ukumela lelokhaya kungaba ngezigaba ezehlukene ukuthi uhluleka ndlelani ,akalimele ikhaya ngendlela odingwa abangasekho nabaphilayo kodwa ucekela phansi kungaba nanoma iyiphi indlela ngaba indlela enza ngayo izinto noma indlela akhuluma ngayo engakhi kodwa edicilela phansi umuzi nabahlala kuwo mase eyashiya sekumoshekile akanawo umoya nendlela yokulungisa ngokwakhayo

  • @KhulekaniHenryNdlovu
    @KhulekaniHenryNdlovu 4 месяца назад +1

    Sawubona ngicela ukubuza ukuphupha usehlane kuleliphupho bekukhona umuntu wesifazane sisendaweni ephezulu engiphusha ngiwele ezansi ngirole ngize ngime kuthe ngisamile utshani ushitshe ube luhlaza

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  3 месяца назад +1

      lokhu kubika ukuba sesixakaxakeni sempi yempumelelo oyilwa nezitha ongazinakile ukuthi abafuni ubadlule ngokuphumelela engathi ungaba ngaphansi kwabo okanye ungayindawo nempilo kodwa khona kunjalo like likweseke idlozi lakho iqhubeke impilo kuthi noma kuba khona okuhlehlela emumva kodwa uqhubeke uphile

  • @LateBloomer11
    @LateBloomer11 4 месяца назад +1

    Syabonga MaMbotho, mina ngiphuphe isiduli phambi komnyango koda emzini womuntu kungesikho ekhaya. Manje angaz noma bengiphuphela ikhaya noma wona lowamuzi. Koda futhi khona ephupheni ngabona uround wempepho wakulo muzi udilikile ungekho. Ngicela ungicacisele bandla.

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  4 месяца назад +1

      uma uphuphela umuntu lokhu kusho ukuthunywa kulowomuzi osuke uwubonile ,kodwa leli phupho lithuma wena ukuthi uye ukuyobazisa ngesicelo esicelwa abantu bakhona abangasekho sokuthi babakhele indlu yabo ,uma bekudilika indlu yabo oyaziyo kusho ukufa kwekhaya kodwa kuthinta umsamo ohambisa izicelo zabo kwabangasekho ukuthi abayidingi lendlu abayisebenzisayo ngoba kungenzeka ukuthi inokungahlambuluki okwenza kucekeleke izinto kubona manje sekumele bavuse enye ehlambulukile

    • @LateBloomer11
      @LateBloomer11 4 месяца назад

      Ngyabonga 🙏

  • @sphamandlamajozi7782
    @sphamandlamajozi7782 4 месяца назад +1

    Sisi ngyabonga kakhulu ukuthi u confirm lento yomuhlwa ngiphuphe umuhlwa wakha isduli ngthe ngyahlola kwashiwo njengoba usho ukuthi bafuna ukwakhelwa uguqa.

  • @Simphiwe-t3o
    @Simphiwe-t3o 2 месяца назад

    Ngicela ukubuza gogo, kutshoni ukuphupha abantu behwela isiduli bengcwaba khona esidulwini umuntu

  • @phelelanintuli5613
    @phelelanintuli5613 4 месяца назад +1

    Siyabonga ngolwazi oluhle maMbotho

  • @nokubongamillicent5136
    @nokubongamillicent5136 4 месяца назад

    Siyabonga cc kakhulu ujehova akukhumbule mina ngike ngaba nephupho amaveveshane amhlophe endizela kumina kwaqamuka nejuba landizela ikhanda lami

  • @olgasichoto2972
    @olgasichoto2972 4 месяца назад +1

    Sawubona gogo ngiphupha ngi cleaner igceke le celebrate my clean ku green utshani

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  4 месяца назад

      i celebrate liwuphawu lomuntu oyidlozi elifunela wena okuhle nokufiswa abaningi okuzokwenza ugqame wehluke kwabanye ophila nabo kodwa mawucleana igceke lalo bakukhombisa ukuthi ukuze kulunge kahle kuwe kumele ungakhohlwa ukulungisa uhlambulule emalibeni abakini abadlulayo ubasebenzele ukuze nakuwe kube kuhle

  • @thabaningongoma6489
    @thabaningongoma6489 4 месяца назад +1

    Mina okwenzekayo ngibona kuphuma isiduli endlini lapho sekumnyama nje akuhambi kahle kodwa ngisazama kuzolunga khona

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  4 месяца назад

      uma isiduli sisendlini mfwethu bakhomba ukuthi usizi abanalo lokuba ondinga sithebeni lokungabi nayo indawo nokungajabuli baza nakho nqo ekhaya bakufake empilweni yakho kwenzeke kuwe into engingayisho ukuthi ubathembise ukuthi uzoyakha lendlu udwebe ibala egcekeni lapho uzoyivusa khona lendlu kuze bezokwehlisa ukusindwa kuwe

  • @pammap9793
    @pammap9793 4 месяца назад +1

    Sawubona sisi. Siyabonga ukubuya kwakho. Uma amatsheketshe ( izintuthwane lezi ezinkulu ) zingena endlini zibe ziningi. Ziphithizele njengezintuthwane Ingabe kusho into efanayo nalokhu okuchazayo.

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  4 месяца назад

      cha mfwethu lokho kusho ukuthi bazoletha isicelo sokwenziwa kwesithebe sokuvala indlala kubona ngokulula nje bacela umsebenzi bakhombisa indlala yokuthi abenzelwa lutho okuyizithebe eziqondene nabo

    • @pammap9793
      @pammap9793 4 месяца назад

      Ngiyabonga. Inkosi ikubusise. Nethonga lakho likuphe amandla.

  • @sihlenduli796
    @sihlenduli796 4 месяца назад +1

    Amen ngicela ungikhumbule kuwatsap kade ngikuzama mhlampe zimbili izinyanga😢

  • @NcamisileMtolo
    @NcamisileMtolo 4 месяца назад +1

    Mina ngangunga phuphi ngangibona izintuthane ziyintaba nje eduze komnyango ngingazi kwenzakalani

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  4 месяца назад

      kwakudawla ukuthi kunabantu bomndeni wakini ofisa ukwenzela imicimbi yabo engagcinwa becela izithebe bekhombisa ukuthi bayadlula emhlabeni kodwa banganakwa uma zimnyama baveza ukuthi abageziwe uma zibomvu bagezelwe kodwa abakenzelwa imicimbi yabo

  • @portiamoyana818
    @portiamoyana818 4 месяца назад +1

    Amen Uma ungaphupi kodwa ukubona kwenzeka ngokwenyama

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  4 месяца назад +1

      baqinisekisa ukuthi yonke into abayishoyo kuwe iyiqiniso futhi bayayazi ukuthi izokwenzeka ubozithathela phezulu uzilungise izinto abasazokukhombisa zona uzenze ,okukhulu kunalokho ungumthunya oyosiza ezintweni ezithize abayokwazisa ngazo lokho kuyisiphiwo esihle kuwe sokubona okungakenzeki kwenzeke ukudalelwe lokho

  • @user-zp3yc5nr5s
    @user-zp3yc5nr5s 2 месяца назад

    Sawbona
    Mina ngphuphe isduli sisenyaweni lomuntu olimele bekungathi umuhlwa uyamelapha , ngase ngawubona ebsweni bami lo muhlwa

  • @thuli507
    @thuli507 4 месяца назад +1

    Siyabonga, waze wanqaba gogo..

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  4 месяца назад

      ngyaxolisa cc ngibanjwe izifundwana nje

  • @nkosinathinkwanyana8173
    @nkosinathinkwanyana8173 4 месяца назад +1

    Sawubona Sisi ngicala ukubuza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha iwashi lase mthangaleni 🙏🙏🙏

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  4 месяца назад

      kusho ukugqigqa ndawonye ulinde umnyama ongenafu wenza into engayi phambili ngekhaya kodwa bakukhombisa ngekhaya lakho ukuthi ungabanjezelwa ubala ukulungisa ekhaya

  • @SkhumbuzoMkhabela
    @SkhumbuzoMkhabela 4 дня назад

    kuphupha sdulu endlini

  • @angellokhumalo4043
    @angellokhumalo4043 4 месяца назад +1

    Nkosazane ngicela ungihlaziyela nalo iphupho. Ngiphuphe ngisendaweni umndeni osewathutha kuyona. Benginemgane Yami yentombazane kukhona umuntu ongathi asizwani Kahle naye kulona iphupho. Kuthe kusanjalo ngabona ngabona ngathi sengilahlekelene nengane Yami sengisendaweni engathi isemhosheni kodwa ingane Uma ngiyimemeza Isabela phezulu hayi emhosheni. Ngithe ngisathi ngizama ukuphuma emhosheni ngiye kuyo kwavele kwaqhamuka noluntu esihilizisana naye wangiqgokisa umqele omazi osanda kuqede ukwenziwa. Uthe Uma engiqhokisa wona ngenzwa ngigcwala Amandla ngabona sekulula ukuphuma esgedeni. Lisho ukuthini leliphupho.

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  4 месяца назад

      bakhombisa ukuthi bayanidinga kuleyo ndawo banibheka khona ngoba iyona ndawo abakuyo nabo izinkanga eninazo ilapho beyokwazi ukunixazululisa zona uma niyakhona noma nibabikele la sinikhona nibakhombise ikhaya ngoba babheka nina kulelikhaya elidala umqhele uqinisekisa ukuthi ibona abanamandla ukusiza nina uyowathola khona okuningi kuyokwenzeka khona mawuya khona endaweni endala

  • @nelisiweduma5416
    @nelisiweduma5416 4 месяца назад +1

    Syabonga🙏🏾.Uma isiduli simila ekhaya egcekeni? Nisibulale siphind siqale phasi simile futh and sikhulu impela

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  4 месяца назад

      kubika kona ukuvuswa kwendlu yabogokho bakini bacela yona

  • @mamizamzimela-ro6vq
    @mamizamzimela-ro6vq 4 месяца назад +1

    Sawbona, ngisacela ukumbuza ukuthi kuchazani ukuphupha unikezwa amathambo esiphanga awezinhlangothi zombili lawa abizwa nge scapulae bones phecelezi.Ngiyabonga🙏

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  4 месяца назад

      cha mfwethu leliphupho livezela wena ukuthi kuwe unokwembathwa ngabaleleyo abahleli kuwe ngokuhlukana kwabo kwedlozi bahleli kuwe kakhulu wonke oseke wadlula wakini uhlala kuwe ambathe kuwe ngokuthemba wena

  • @soulfood7497
    @soulfood7497 4 месяца назад

    Sbonge kakhulu ngokusiphilisa mina ngine nkinga ngiphuphe isikhova sisuka esihlahleni bese kwawa amaqanda awu 3 waso kwafa 2 ngachosha 1 kaqhamuka izinkukhu zifuna leliqanda lesikhova hayi angiyazi mina lento

  • @thabaningongoma6489
    @thabaningongoma6489 4 месяца назад +1

    Suyabonga

  • @vanithavanitha635
    @vanithavanitha635 4 месяца назад +1

    Siyabonga gogo

  • @AnnatoriaFikile
    @AnnatoriaFikile 4 месяца назад +1

    Thokoza gogo.. ngicela ukubuza uma uphupha bekukhombisa ibovu ne mbuzi emaruni ngiyabonga usazongiphendula

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  4 месяца назад

      bakhukhombisa ukuphothulela abahambela entwaseni nabangaqedanga ukwenza umsebenzi wedlozi kungaba igobongo lokubasiza baphothule ngawe lokho shukuthi bayakukhombuzisa ukuthi ubalungisele

  • @user-dt4nb9vn4r
    @user-dt4nb9vn4r 4 месяца назад +1

    Unjan cc wam ngcela ukbuza uma uphupha amaphoyisa kuchaza ini ngyabonga

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  4 месяца назад

      kubika abantu abayidlozi kuwe elibhekene nezingqinamba obhekene nazo kulaba abaphilayo abamelene nawe ukuhlunga nokuhluza okubi nokuhle okushiwo ngawe bacacise ukuthi kuyiqiniso noma kwamanga mase bethatha izinyathelo zokujezisa abamelene nawe bagade lokho kuwe ukuhlunga amaxoki nabazenzisi empilweni yakho babasuse bebahlule ngokukugada wena

    • @user-dt4nb9vn4r
      @user-dt4nb9vn4r 4 месяца назад

      Ngyabonga kakhulu cc wam bakithi ♥️♥️

  • @sybongawiseman7565
    @sybongawiseman7565 4 месяца назад +1

    Siyabonga Gogo.ngicela ukuzwa Uma uphupha iKhehla elidala lakini likupha umqhele owenziwe kahle lize ligcizelele lithi owakho ngabe kuchazani?

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  4 месяца назад

      lokhu kulenza umyalezo ohambisana nokukhula kuwe ngamandla okumela ikhaya kanye nokugadiswa zonke izidingo zekhaya kakhulukazi kulaba abangasekho ukuthi kuthenjwe wena babeka amadla kuwe okumela ikhaya mfwethu kuzona zonke izinto eziyizikweletu zekhaya kodwa bayokwembatha lokhu kugcizelela ukukhumbathwa uqhwakelwe amakhehla akini okulula kunalokho kumele uphelele mase ubezela imvunulo ozoyisebenzisa ngaleso sikhathi uyisebenzisa bayigqoka ngawe

    • @sybongawiseman7565
      @sybongawiseman7565 4 месяца назад

      @@hxmbotho3458 Ngiyabonga Gogo.ngizocela ukukfonela ngemvume yakho,ngizokwazi ukisale sengithola neAcc yakho ngizobonga ukungihlahlelela lesi sibonakaliso.

  • @makirams
    @makirams 4 месяца назад

    Sawbona mambotho mina ngathi Kade kuphuzwa uthswala engangibugayile kwam kwavuka kunomuhlwa intaba yomuhlwa ngase mnyano e sitting room inteyayisabeka nje ingabukeki ngabe kwakuchazani

  • @NdunaNene
    @NdunaNene 3 месяца назад

    Kusho kuthini kuphupha inyama eyosiwe

  • @phelelanintuli5613
    @phelelanintuli5613 4 месяца назад +1

    Hhawu ngakhumbula kuchazani ukuphupha umuntu ongasekho ekhuluma umuzwa ngezwi ungammboni kodwa phambilini Kade uthi mawumphupha ummbone futhi nikhulume

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  4 месяца назад

      uma ekade ekwazi ukuziveza kuwe ingoba bekulula ukufinyelela kuwe ngoba kunokuxhumana okulethwa ukuhlambuluka onakho uma esehambela kude kungadalwa isimo osunaso esimqelisayo kuwe kodwa ebe efisa ukukhuluma nawe ngoba anixabene into oyenze engasekho engekho kahle uboyihlambulula uhlambuluke ukuze angahambeli kude nawe ngoba kuyenzeka ahlehliswe isimo esinjalo

  • @user-iw9oo5qw4u
    @user-iw9oo5qw4u 4 месяца назад

    Thokoza gogo Mbotho ngiphuphe is dula but besihlonnywe amabodlela ashayinayo angaba12 please help me to explain

  • @duduzilecharlotte6417
    @duduzilecharlotte6417 4 месяца назад +1

    Thokoza gogo ngizamile ku whatsup ngicela ukuthi ungibhekele ngiyabinga

    • @hxmbotho3458
      @hxmbotho3458  4 месяца назад

      yebo mfwethu ngyazama ukufinyelela kubantu ngokuphendula kodwa ngobuni bayasala abanye kodwa ngizokuthinta mfwethu ngyabonga

    • @duduzilecharlotte6417
      @duduzilecharlotte6417 4 месяца назад

      @@hxmbotho3458 Thokoza gogo ngizalinda wena uze ube nethuba lami ngiyabonga

  • @mapeshzn
    @mapeshzn 2 месяца назад

    Ukuphupha umuhlwa use sosini noma plate bese unikwa i hug umuntu ongathi ungumphathi wefemu ethile…?

  • @JanuaryJanuary-cp1wt
    @JanuaryJanuary-cp1wt 4 месяца назад +1

    Cela number yaku